Bible Study: FrontPage




 

1 Samuweli, Chapter 16

Bible Study - 1 Samuweli 16 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. UJehova wathi kuSamuweli: "Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe."
  
2. Wathi uSamuweli: "Ngingahamba kanjani? Uma uSawule ekuzwa, uyakungibulala." UJehova wathi: "Hamba nesithokazi, uthi: `Ngize ukuhlabela uJehova.'
  
3. Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe."
  
4. USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: "Ukufika kwakho kunokuthula na?"
  
5. Wathi: "Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni." Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.
  
6. Kwathi sebefikile, wabheka u-Eliyabe, wathi: "Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe."
  
7. Kepha uJehova wathi kuSamuweli: "Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni."
  
8. UJese wayesebiza u-Abinadaba, wamdlulisa phambi kukaSamuweli. Wathi: "Nalona uJehova akamkhethanga."
  
9. UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: "Nalona uJehova akamkhethanga."
  
10. UJese wadlulisa ayisikhombisa kumadodana akhe phambi kukaSamuweli. USamuweli wathi kuJese: "UJehova akawakhethanga nalawa."
  
11. USamuweli wathi kuJese: "Sebephelile abafana na?" Wathi: "Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu." USamuweli wathi kuJese: "Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha."
  
12. Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: "Suka umgcobe, ngokuba lona nguye."
  
13. USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
  
14. UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.
  
15. Izinceku zikaSawule zathi kuye: "Bheka-ke, umoya omubi ovela kuNkulunkulu ukuzumile.
  
16. Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu; kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe."
  
17. USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: "Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi."
  
18. Kwaphendula enye insizwa, yathi: "Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo."
  
19. Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: "Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini."
  
20. UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.
  
21. UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe.
  
22. USawule wathumela kuJese, wathi: "Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami."
  
23. Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu, walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES