Bible Study: FrontPage




 

1 Samuweli, Chapter 23

Bible Study - 1 Samuweli 23 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Kwabikwa kuDavide ukuthi: "Bheka, amaFilisti ayalwa neKeyila, aphanga izibuya."
  
2. Ngalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: "Ngiye ngibulale lawo maFilisti na?" UJehova wathi kuDavide: "Hamba uwabulale amaFilisti, usindise iKeyila."
  
3. Abantu bakaDavide bathi kuye: "Bheka, siyesaba lapha kwaJuda; kakhulu kangakanani, uma siya eKeyila, silwe nezimpi zamaFilisti na?"
  
4. UDavide waphinda wabuza kuJehova. UJehova wamphendula wathi: "Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho."
  
5. UDavide nabantu bakhe baya eKeyila, balwa namaFilisti, bathumba izinkomo zawo, bawaceka ngokuceka okukhulu. Wayesebasindisa uDavide abaseKeyila.
  
6. Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.
  
7. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: "UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo."
  
8. USawule wabiza abantu bonke, baye empini, behlele eKeyila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe.
  
9. UDavide wazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abiyathara umpristi: "Letha ingubo yamahlombe."
  
10. Wayesethi uDavide: "Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, inceku yakho izwile nokuzwa ukuthi uSawule ufuna ukuza eKeyila ukuba achithe umuzi ngenxa yami.
  
11. Abantu baseKeyila bayakungikhaphela yini esandleni sakhe na? USawule uyakwehla njengalokho inceku yakho izwile na? Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ake uyitshele inceku yakho." Wathi uJehova: "Uyakwehla."
  
12. Wayesethi uDavide: "Abantu baseKeyila bayakungikhaphela mina nabantu bami esandleni sikaSawule na?" Wathi uJehova: "Bayakukukhaphela."
  
13. Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.
  
14. UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.
  
15. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.
  
16. Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.
  
17. Wathi kuye: "Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho."
  
18. Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.
  
19. Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibeya, bathi: "UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na?
  
20. Ngalokho yehla, nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla, thina simkhaphele esandleni senkosi."
  
21. USawule wathi: "Manibusiswe, ngokuba ningihawukele.
  
22. Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela.
  
23. Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda."
  
24. Base besuka, baya eZifi phambi kukaSawule; kepha uDavide nabantu bakhe babesehlane laseMahoni e-Araba ngaseningizimu kwasehlane.
  
25. USawule nabantu bakhe baya ukumfuna. UDavide watshelwa; wehlela-ke eweni, wahlala ehlane laseMahoni. USawule ekuzwa, wamxosha uDavide ehlane laseMahoni.
  
26. USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.
  
27. Kepha kwafika isithunywa kuSawule, sithi: "Shesha ufike, ngokuba amaFilisti angenele izwe."
  
28. Wayesebuya uSawule ekumxosheni uDavide, wahamba ukuhlangabezana namaFilisti; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iSela Hamalekoti.
  
29. UDavide wakhuphuka lapho, wahlala ezinqabeni zase-Eni Gedi.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES