Bible Study: FrontPage




 

1 Samuweli, Chapter 5

Bible Study - 1 Samuweli 5 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.
  
2. AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni.
  
3. Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.
  
4. Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.
  
5. Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla.
  
6. Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.
  
7. Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: "Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu."
  
8. Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: "Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?" Athi: "Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati." Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.
  
9. Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.
  
10. Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: "Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi."
  
11. Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: "Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi," ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.
  
12. Abantu abangafanga bashaywa ngamathumba; ukukhala komuzi kwenyukela ezulwini.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES