Bible Study: FrontPage




 

1 Samuweli, Chapter 7

Bible Study - 1 Samuweli 7 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
  
2. Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati Jeharimi, kwaba yisikhathi eside, ngokuba saba yiminyaka engamashumi amabili; yonke indlu yakwa-Israyeli yakhalela uJehova.
  
3. USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: "Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti."
  
4. Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.
  
5. USamuweli wathi: "Buthani wonke u-Israyeli eMispa; ngiyakunikhulekela kuJehova."
  
6. Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: "Sonile kuJehova." USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.
  
7. AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti.
  
8. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: "Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti."
  
9. USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.
  
10. USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli.
  
11. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari.
  
12. USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: "Kuze kube manje uJehova usisizile."
  
13. Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli.
  
14. Imizi amaFilisti ayeyithathile ku-Israyeli yabuyiselwa ku-Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori.
  
15. USamuweli wahlulela u-Israyeli zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
  
16. Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.
  
17. Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES