Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 10

Bible Study - Duteronomi 10 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
  
2. Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.'
  
3. "Ngase ngenza-ke umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.
  
4. Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.
  
5. Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala."
  
6. Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.
  
7. Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.
  
8. Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.
  
9. Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
  
10. "Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.
  
11. UJehova wayesethi kimi: `Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.'
  
12. "Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,
  
13. ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
  
14. "Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.
  
15. Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.
  
16. Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.
  
17. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.
  
18. Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.
  
19. Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
  
20. Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.
  
21. Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.
  
22. Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES