Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 16

Bible Study - Duteronomi 16 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. "Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.
  
2. Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.
  
3. Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
  
4. Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.
  
5. "Awunakuhlaba iphasika phakathi kwamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona;
  
6. kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo, lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe.
  
7. Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho.
  
8. Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNkulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.
  
9. "Wozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa.
  
10. Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,
  
11. wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
  
12. Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe, ugcine, uzenze lezi zimiso.
  
13. "Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,
  
14. wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.
  
15. Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
  
16. "Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
  
17. yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.
  
18. "Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.
  
19. Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.
  
20. Uyakulandela ukulunga okuyikho ukuba uphile, ulidle izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
  
21. "Ungazitshaleli u-Ashera womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona.
  
22. Ungazimiseli nansika uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES