Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 19

Bible Study - Duteronomi 19 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
  
2. uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle.
  
3. Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.
  
4. "Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,
  
5. njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,
  
6. funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.
  
7. Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: `Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.'
  
8. "Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,
  
9. uma ugcina yonke le miyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu
  
10. ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.
  
11. "Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,
  
12. amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.
  
13. Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.
  
14. "Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle.
  
15. "Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.
  
16. "Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,
  
17. amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,
  
18. abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,
  
19. niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
  
20. Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho.
  
21. Iso lakho aliyikuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES