Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 27

Bible Study - Duteronomi 27 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: "Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.
  
2. Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,
  
3. ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.
  
4. Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.
  
5. Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.
  
6. Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho,
  
7. uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
  
8. Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle."
  
9. UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: "Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.
  
10. Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla."
  
11. UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:
  
12. "Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;
  
13. laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.
  
14. "AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa-Israyeli ngezwi elikhulu:
  
15. " `Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.' "Bonke abantu bayakuphendula bathi: `Amen.'
  
16. " `Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
17. " `Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
18. " `Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
19. " `Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
20. " `Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
21. " `Makaqalekiswe olala nesilwane.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
22. " `Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
23. " `Makaqalekiswe olala nomkhwekazi.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
24. " `Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
25. " `Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'
  
26. " `Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze.' "Bonke abantu bayakusho ukuthi: `Amen.'


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES