Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 29

Bible Study - Duteronomi 29 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.
  
2. UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: "Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:
  
3. izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;
  
4. kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.
  
5. Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
  
6. Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
  
7. "Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
  
8. sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.
  
9. "Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
  
10. "Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,
  
11. nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,
  
12. ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho,
  
13. ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
  
14. Akenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani nodwa,
  
15. kepha nanomiyo nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, nanongekho nathi namuhla
  
16. ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,
  
17. nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo
  
18. funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;
  
19. kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: `Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,' ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,
  
20. uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.
  
21. UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
  
22. "Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,
  
23. nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;
  
24. yebo, bonke abantu bayakuthi: `UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?'
  
25. "Bese kuthiwa: `Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,
  
26. baya bakhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona,
  
27. ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela leli zwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi;
  
28. uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.'
  
29. "Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES