Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 33

Bible Study - Duteronomi 33 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:
  
2. "UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.
  
3. Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.
  
4. UMose wasiyaleza umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.
  
5. Waba yinkosi eJeshuruni, lapho izinhloko zabantu zazibuthene, zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.
  
6. "Makaphile uRubeni, angafi; amadoda akhe abe ngumumo omkhulu."
  
7. Nalokhu wathi ngoJuda: "Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakubo; izandla zakho mazimlwele, ube lusizo kwabamelene naye."
  
8. NgoLevi wathi: "AmaThumimi nama-Urimi akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,
  
9. owathi ngoyise nangonina: `Angibabonanga,' angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.
  
10. Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.
  
11. Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke."
  
12. NgoBenjamini wathi: "Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe."
  
13. NgoJosefa wathi: "Izwe lakhe malibusiswe nguJehova ngamagugu asezulwini, nangamazolo, nangotwa olwenabileyo phansi,
  
14. nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,
  
15. nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo, nangamagugu amagquma angunaphakade,
  
16. nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowahlala esihlahleni; isibusiso masifike ekhanda likaJosefa nasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
  
17. Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase."
  
18. NgoZebuloni wathi: "Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho, nawe Isakare, ematendeni akho.
  
19. Bayakubizela izizwe entabeni, bahlabele khona imihlatshelo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle, nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi."
  
20. NgoGadi wathi: "Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi.
  
21. Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli."
  
22. NgoDani wathi: "UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani."
  
23. NgoNafetali wathi: "Nafetali, wanelisiwe ngomusa, ugcwele isibusiso sikaJehova: yidla wena intshonalanga neningizimu."
  
24. Ngo-Asheri wathi: "U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana, amukeleke kubafowabo, acwilise unyawo lwakhe emafutheni.
  
25. Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.
  
26. "Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza, nomkhathi ngokuphakama kwakhe.
  
27. UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: `Chitha.'
  
28. U-Israyeli usehlezi elondekile; umthombo kaJakobe wahlukene wodwa ezweni lamabele nelewayini; yebo, amazulu akhe aconsisa amazolo.
  
29. Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo."


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES