Bible Study: FrontPage




 

Eksodusi, Chapter 21

Bible Study - Eksodusi 21 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. "Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.
  
2. "Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.
  
3. Uma singena sisodwa, siyakuphuma sisodwa; uma siganiwe, umkaso uyakuphuma naso.
  
4. Uma inkosi yaso isinika umfazi, yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe, sona siphume sodwa.
  
5. "Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: `Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,'
  
6. khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.
  
7. "Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.
  
8. Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.
  
9. Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.
  
10. Uma iyithathela esinye, ayiyikunciphisa ukudla kwaso, nezingubo zaso, namalungelo omshado.
  
11. Uma ingasenzeli lokho okuthathu, siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali.
  
12. "Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.
  
13. Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo.
  
14. Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.
  
15. "Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa.
  
16. "Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.
  
17. "Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa.
  
18. "Nxa abantu belwa, omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,
  
19. khona-ke, uma elulama, ahambahambe phandle ngenduku yakhe, owamshayayo uyakuyekelwa, amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa.
  
20. "Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.
  
21. Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili, akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe.
  
22. "Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
  
23. Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:
  
24. iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,
  
25. ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.
  
26. "Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe, alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso.
  
27. Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe, wosikhulula ngenxa yezinyo laso.
  
28. "Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.
  
29. Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.
  
30. Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo, uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe.
  
31. Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo.
  
32. Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.
  
33. "Uma umuntu evula umgodi, noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo,
  
34. umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe.
  
35. "Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife, bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.
  
36. Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, umniniyo engayigcinanga kodwa, uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES