Bible Study: FrontPage




 

Genesise, Chapter 39

Bible Study - Genesise 39 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
  
2. UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.
  
3. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.
  
4. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.
  
5. Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.
  
6. Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.
  
7. Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: "Lala nami."
  
8. Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: "Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;
  
9. ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?"
  
10. Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.
  
11. Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,
  
12. wambamba ngengubo yakhe, wathi: "Lala nami," kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.
  
13. Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka,
  
14. wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: "Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;
  
15. wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle."
  
16. Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe.
  
17. Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: "Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;
  
18. kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle."
  
19. Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: "Yenze njalo kimi inceku yakho," lwavutha ulaka lwayo.
  
20. Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.
  
21. Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
  
22. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.
  
23. Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES