Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 10

Bible Study - Isaya 10 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Wo kubona abamisa izimiso ezimbi, nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
  
2. ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.
  
3. Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
  
4. Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
  
5. "Wo kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
  
6. Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
  
7. Nokho akusiwo umqondo walo, inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo, kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha nokunquma izizwe ezingeyingcosana.
  
8. Ngokuba lithi: `Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?
  
9. IKalino alinjengeKharikemishi na? IHamati alinjenge-Aripadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?
  
10. Njengalokhu isandla sami siyitholile imibuso yezithombe ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,
  
11. anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?' "
  
12. Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.
  
13. Ngokuba uthi: "Ngamandla esandla sami ngikwenzile, nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe, ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.
  
14. Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo ngibuthile wonke umhlaba, akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo."
  
15. Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo, njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo, nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?
  
16. Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe, nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa njengokushisa komlilo.
  
17. Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, oNgcwele wakhe abe yilangabi; kuyakushisa kuqede ameva akhe namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
  
18. Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe, umzimba nomphefumulo, kube njengesiguli esinyamalalayo.
  
19. Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana, ukuze ibhalwe ngumntwana.
  
20. Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo, kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.
  
21. Insali iyakubuya, insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu onamandla.
  
22. Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
  
23. Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo phakathi kwawo wonke umhlaba.
  
24. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: "We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.
  
25. Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje kuze kuphele ukufutheka kwami, intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo."
  
26. UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.
  
27. Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,
  
28. liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;
  
29. badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.
  
30. Zamuluka ngezwi lakho, ndodakazi yaseGalimi; qaphela, Layishi, yiphendule, Anathoti.
  
31. IMadimena selibalekile, abakhileyo eGebimi bathutha impahla.
  
32. Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.
  
33. Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyanquma amagatsha ngokwesabekayo, kugawulwe abaphakemeyo, nabazikhukhumezayo behliswe.
  
34. Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi, neLebanoni liyawa ngoNamandla.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES