Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 16

Bible Study - Isaya 16 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Thumani amawundlu ombusi wezwe aphume eSela ngasehlane, aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
  
2. Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.
  
3. "Lulekanani, nenze izinqumo, ubeke isithunzi sakho njengobusuku phakathi kwemini, nithukuse abaxoshiweyo, ningadaluli ababalekileyo.
  
4. Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi." Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
  
5. kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
  
6. Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
  
7. Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi; bonke bayakuklewula. Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo zaseKhiri Haresheti nidabukile kakhulu.
  
8. Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile kanye nomvini waseSibima; amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo; afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.
  
9. Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima njengokukhala kweJazeri, ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi.
  
10. Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.
  
11. Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
  
12. Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.
  
13. Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
  
14. Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: "Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla."


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES