Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 21

Bible Study - Isaya 21 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.
  
2. Ngitshelwe umbono olukhuni: umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha. Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.
  
3. Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.
  
4. Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.
  
5. Ngukulungisa itafula yini? Ngukwendlala izindwangu, ukudla nokuphuza, na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu.
  
6. Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi: "Hamba umise umlindi ozakubika akubonayo.
  
7. Lapho ebona abamahhashi, amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela, uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu."
  
8. Obonayo wayesememeza, wathi: "Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.
  
9. Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: `Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.' "
  
10. Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa.
  
11. Isiprofetho ngeDuma. Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi: "Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?"
  
12. Umlindi wathi: "Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize."
  
13. Isiprofetho nge-Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya nina mahele aseDedanimi.
  
14. Owomileyo bamlethela amanzi abakhileyo ezweni laseThema, bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.
  
15. Ngokuba babalekela izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi.
  
16. Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: "Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,
  
17. nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane," ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES