Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 23

Bible Study - Isaya 23 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Isiprofetho ngeTire. Klewulani nina, Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba lichithekile; indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.
  
2. Thulani nina enakhileyo ngasogwini, nina abathengisi baseSidoni abanigcwalisile bedabula elwandle.
  
3. Emanzini amaningi imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.
  
4. Yiba namahloni wena Sidoni, ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi: "Angibanga namihelo, angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi."
  
5. Lapho kubikwa eGibithe, bayakuthuthumela ngokuzwa ngeTire.
  
6. Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.
  
7. Yilowo ongumuzi wenu ojabulayo, ubudala bawo busukela ezinsukwini zasendulo, owayiswa kude yizinyawo zawo ukuba uhlale khona, na?
  
8. Ngubani ocebe lokhu ngeTire eliqhelisayo, elibathengi balo bayizikhulu, nabahwebi balo bangabadumileyo bomhlaba, na?
  
9. NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.
  
10. Dabula izwe lakho njengeNayile, ndodakazi yaseTharishishi; akusekho bhande.
  
11. Welulile isandla sakhe phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso; uJehova uyalezile ngeKhanani ukuba kuchithwe izinqaba zalo.
  
12. Wathi: "Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula."
  
13. Bheka, izwe lamaKaledi, leso sizwe esingasekho, esanqunyelwa yi-Asiriya izilwane zasehlane, limisa imibhoshongo, lizenza ize izindlu zaso zamakhosi, lenza laba yincithakalo.
  
14. Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba inqaba yenu ichithekile.
  
15. Kuyakuthi ngalolo suku iTire likhohlakale iminyaka engamashumi ayisikhombisa njengezinsuku zankosinye. Ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kuyakuba khona kulo iTire njengasesihlabelelweni sesifebe:
  
16. "Thatha ihabhu, uhambahambe emzini wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe."
  
17. Kuyakuthi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi ayisikhombisa uJehova ahambele iTire, lona libuyele enzuzweni yalo, lifebe nayo yonke imibuso yezwe ebusweni bomhlaba.
  
18. Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES