Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 32

Bible Study - Isaya 32 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga, izikhulu zibuse ngokwahlulela.
  
2. Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.
  
3. Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka; izindlebe zabezwayo ziyakulalela.
  
4. Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda, ize ikwazi, nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.
  
5. Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile, nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.
  
6. Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.
  
7. Izikhali zomkhohlisi zimbi; uhlela amacebo amabi, ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga, nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.
  
8. Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.
  
9. Vukani nina besifazane abazinzileyo, nizwe izwi lami; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.
  
10. Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwa nina besifazane abazethembayo, ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela, nokubutha akuyikufika.
  
11. Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.
  
12. Zishayeni esifubeni ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.
  
13. Emhlabathini wabantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,
  
14. ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,
  
15. uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.
  
16. Ukwahlulela kuyakwakha ehlane, ukulunga kuhlale ensimini.
  
17. Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.
  
18. Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.
  
19. Liyakuwisa isichotho, lize liwe ihlathi, nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.
  
20. Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke; nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES