Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 34

Bible Study - Isaya 34 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.
  
2. Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.
  
3. Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.
  
4. Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
  
5. Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
  
6. UJehova unenkemba; igcwele igazi, inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
  
7. Izinyathi ziwa kanye nazo, nezinkunzana kanye nezinkunzi; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
  
8. Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.
  
9. Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.
  
10. Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.
  
11. Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.
  
12. Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.
  
13. Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.
  
14. Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe, nedemoni liyakukhala kumngane walo, kwakhe khona umkhovu, uzitholele indawo yokuphumula.
  
15. Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe, azalele, achamisele, afukame ngomthunzi wakhe, kubuthane khona nawonhloyile, kube yilowo nalowo nomngane wakhe.
  
16. Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu, ayikho eyakuswela umngane wayo, ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile, nomoya wakhe okuhlanganisile.
  
17. Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES