Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 56

Bible Study - Isaya 56 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Usho kanje uJehova, uthi: "Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
  
2. Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina isabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi."
  
3. Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: "Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe," nomthenwa angathi: "Bheka, ngingumuthi owomileyo."
  
4. Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: "Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami
  
5. bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.
  
6. Nabezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina isabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami,
  
7. yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke."
  
8. INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: "Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe."
  
9. Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini.
  
10. Bonke abalindi bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala bephupha, bathanda ukozela.
  
11. Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.
  
12. Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES