Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 59

Bible Study - Isaya 59 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.
  
2. Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa..
  
3. Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi, neminwe yenu ububi; izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.
  
4. Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.
  
5. Bachamisela amaqanda ebululu, baluka ubulembu bolwembu; odlayo amaqanda abo uyafa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.
  
6. Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.
  
7. Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.
  
8. Indlela yokuthula abayazi, nokwahlulela akukho emikhondweni yabo; bazenzele izindlela eziyisigwegwe, bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.
  
9. Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.
  
10. Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.
  
11. Siyagwavuma sonke njengamabhere, siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.
  
12. Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:
  
13. ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.
  
14. Ukwahlulela kubuyiselwa emuva, nokulunga kumi kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.
  
15. Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.
  
16. Wabona ukuthi akukho muntu, wamangala ukuthi wayengekho omelayo; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.
  
17. Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.
  
18. Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.
  
19. Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.
  
20. "Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi, nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni," usho uJehova.
  
21. "Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo," usho uJehova, "sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho," usho uJehova, "kusukela manje kuze kube phakade."


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES