Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 7

Bible Study - Isaya 7 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo, kepha babengenakulinqoba.
  
2. Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: "I-Aramu limise kwa-Efrayimi." Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.
  
3. Kepha uJehova wathi ku-Isaya: "Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,
  
4. usho kuye ukuthi: `Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.
  
5. Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebile okubi ngawe, bathi:
  
6. "Masikhuphukele kwelakwaJuda, silikhathaze, sizinqobele lona, sibeke inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli,"
  
7. ngalokho isho iNkosi uNkulunkulu, ithi: " `Akuyikuma, futhi akuyikwenzeka.
  
8. Ngokuba inhloko yase-Aramu iyiDamaseku, nenhloko yeDamaseku inguResini; phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyakwaphulwa angabe esaba yisizwe.
  
9. Inhloko yakwa-Efrayimi iyiSamariya, inhloko yeSamariya iyindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyikuma.' "
  
10. UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:
  
11. "Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho, kujule endaweni yabafileyo, noma kuphakame phezulu."
  
12. Kepha u-Ahazi wathi: "Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova."
  
13. Wayesethi: "Ake uzwe wena ndlu kaDavide! Kuncane kuwe ukukhathaza abantu, ukuze nimkhathaze noNkulunkulu wami futhi na?
  
14. Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
  
15. Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.
  
16. Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.
  
17. UJehova uyakuletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingafikanga kusukela osukwini u-Efrayimi asuka ngalo kwaJuda - yinkosi yase-Asiriya."
  
18. Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahlabele ikhwelo izimpukane ezingasekugcineni kwemifula yaseGibithe nezinyosi ezisezweni lase-Asiriya.
  
19. Ziyakufika, ziphumule zonke ezigodini ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni onke, nasemadlelweni onke.
  
20. Ngalolo suku iNkosi iyakuphucula ngensingo eqashiweyo ngaphesheya koMfula yinkosi yase-Asiriya ikhanda noboya bezinyawo, futhi iyakuqeda nesilevu.
  
21. Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,
  
22. bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.
  
23. Kuyakuthi ngalolo suku yonke indawo lapho kukhona imivini eyinkulungwane, elingene nezinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva, ibe ngeyamakhakhasi nameva.
  
24. Kuyakuyiwa khona nemicibisholo nomnsalo, ngokuba izwe lonke liyakuba ngamakhakhasi nameva.
  
25. Ezintabeni zonke ezilinywa ngegeja akuyikuyiwa khona ngokwesaba amakhakhasi nameva, kepha ziyakuba ngezokuqhubela izinkabi nezokunyathela kwezimvu.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES