Bible Study: FrontPage




 

Levitikusi, Chapter 21

Bible Study - Levitikusi 21 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. UJehova wathi kuMose: "Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: `Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,
  
2. ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,
  
3. nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye.
  
4. Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo, ukuze azihlambalaze.
  
5. " `Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni.
  
6. Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.
  
7. " `Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.
  
8. Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.
  
9. " `Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.
  
10. " `Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,
  
11. angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,
  
12. futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
  
13. " `Wothatha umfazi oseyintombi.
  
14. Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.
  
15. Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.' "
  
16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
  
17. "Yisho ku-Aroni, uthi: `Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
  
18. Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela: impumputhe noma unyonga, noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene,
  
19. noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo,
  
20. noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende;
  
21. akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
  
22. Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.
  
23. Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.
  
24. UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.' "


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES