Bible Study: FrontPage




 

Luka, Chapter 21

Bible Study - Luka 21 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo.
  
2. Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi amabili;
  
3. wathi: "Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke.
  
4. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho."
  
5. Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo:
  
6. "Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi."
  
7. Base bembuza bethi: "Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?"
  
8. Wathi: "Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: `Nginguye;' bathi futhi: `Isikhathi sesisondele;' maningabalandeli.
  
9. Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane."
  
10. Khona wathi kubo: "Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso;
  
11. kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
  
12. "Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
  
13. Kuyakunehlela kube ngubufakazi.
  
14. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
  
15. ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
  
16. Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
  
17. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
  
18. Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
  
19. Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
  
20. "Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
  
21. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
  
22. Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
  
23. Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.
  
24. Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
  
25. "Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
  
26. abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
  
27. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.
  
28. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu."
  
29. Wabalandisa umfanekiso wokuthi: "Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
  
30. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.
  
31. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
  
32. "Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
  
33. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
  
34. "Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,
  
35. ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.
  
36. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu."
  
37. Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo.
  
38. Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES