Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 23

Bible Study - Duteronomi 23 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
  
2. "Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.
  
3. "Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,
  
4. ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.
  
5. UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.
  
6. Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.
  
7. "Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.
  
8. Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.
  
9. "Lapho usekamu ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.
  
10. Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,
  
11. kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.
  
12. "Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,
  
13. ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,
  
14. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.
  
15. "Unganikeli kumniniso isigqila esibalekile kumniniso seza kuwe.
  
16. Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.
  
17. "Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.
  
18. Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
  
19. "Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.
  
20. Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.
  
21. "Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.
  
22. Kepha uma uyeka ukwethembisa, akuyikuba yisono kuwe.
  
23. Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.
  
24. "Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.
  
25. "Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho, ungazikha izikhwebu ngesandla sakho, kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES