Bible Study: FrontPage




 

Duteronomi, Chapter 24

Bible Study - Duteronomi 24 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
  
2. Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu.
  
3. Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa,
  
4. indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.
  
5. "Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.
  
6. "Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.
  
7. "Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.
  
8. "Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo.
  
9. Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.
  
10. "Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe.
  
11. Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle.
  
12. Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe,
  
13. kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
  
14. "Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho;
  
15. uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.
  
16. "Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.
  
17. "Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,
  
18. kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.
  
19. "Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.
  
20. Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.
  
21. Nxa ubutha okwesivini sakho, awuyikukhothoza ngasemuva, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi.
  
22. Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES