1. Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: "Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda."
2. UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova,
3. wathi: "Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho." Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
4. Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi:
5. "Hamba, uthi kuHezekiya: `Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
6. Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.
7. " `Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo:
8. bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.' " Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.
9. Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:
10. Ngathi: "Ngiphakathi nezinsuku zami ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami."
11. Ngathi: "Angiyikumbona uJehova, uJehova ezweni labaphilayo; angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.
12. Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengetende lomalusi; ngisongile ukuphila kwami njengomaluki; uyanginquma esalukweni; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
13. Ngakhala kwaze kwaba sekuseni; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.
14. Ngatshiyozisa okwenkonjane, ngaliliselisa okwejuba; amehlo ami aphela ngokubheka phezulu; Nkosi, ngiyacindezelwa; yiba yisibambiso sami."
15. Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami.
16. Nkosi, abantu baphila ngalokho, nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele; ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.
17. Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.
18. Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi, nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.
19. Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.
20. UJehova uyakungisindisa; ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.
21. U-Isaya wathi: "Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda."
22. Kepha uHezekiya wathi: "Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?"
|