Bible Study: FrontPage




 

Isaya, Chapter 39

Bible Study - Isaya 39 - Zulu - Zulu Bible - Web
 
 
 
Comment!       Comment Disqus!
  
1. Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.
  
2. UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.
  
3. Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: "Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?" Wathi uHezekiya: "Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi."
  
4. Wayesethi: "Baboneni endlini yakho na?" UHezekiya wathi: "Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona."
  
5. U-Isaya wathi kuHezekiya: "Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.
  
6. Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.
  
7. Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele."
  
8. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: "Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo." Wathi futhi: "Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami."


Search in:
Terms:

Vote and Comment on Facebook:Recommend This Page:
Post on Facebook Add to your del.icio.us Digg this story StumbleUpon Twitter Google Plus Post on Tumblr Add to Reddit Pin this story Linkedin Google Bookmark Blogger
Insert Your Personal Insight:

Please do not make mean comments and follow the biblical and spiritual character of this forum. If, however unpleasant situations arise, we request to flag it to us in order to evaluate the situation.

Text source: This text is in the public domain.

This project is based on delivering free-of-charge the Word of the Lord in all the world by using electronic means. If you want to contact us, you can do this by writing to the following e-mail: bible-study.xyz@hotmail.com


SELECT VERSION

COMPARE WITH OTHER BIBLES